6. U-Abrama wadabula izwe, waze wafika endaweni yaseShekemi nase-okini* laseMore; amaKhanani ayesekhona ezweni.
7. UJehova wabonakala ku-Abrama, wathi: “Leli zwe ngiyakulinika inzalo yakho.” Wamakhela khona i-altare uJehova owayebonakele kuye.
8. Wayesesuka lapho, waya entabeni ngasempumalanga kwaseBethele, wamisa itende lakhe, iBethele lingasentshonalanga ne-Ayi lingasempumalanga; wamakhela khona uJehova i-altare, wakhuleka egameni likaJehova.
9. Ngasemuva u-Abrama wahamba waqonda njalo ngaseningizimu.
10. Kwakukhona indlala ezweni; u-Abrama wehlela eGibithe ukuba agogobale khona, ngokuba indlala yayinzima ezweni.