Ugenesise 12:17-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. Kepha uJehova wamshaya uFaro nendlu yakhe ngezinhlupho ezinkulu ngenxa kaSarayi umka-Abrama.

18. UFaro wayesembiza u-Abrama, wathi: “Kuyini lokho okwenze kimi na? Awungitshelanga ngani ukuthi ungumkakho na?

19. Usholoni ukuthi: ‘Ungudadewethu,’ ngize ngimthathe abe ngumkami, na? Bheka manje, nangu umkakho; mthathe, uhambe.”

20. UFaro wayala amadoda ngaye; ammukisa kanye nomkakhe nakho konke anakho.

Ugenesise 12