Ugenesise 11:7-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Wozani sehle, siye ukusanganisa ulimi lwabo ukuba bangezwani, kube yilowo nalowo ulimi lomunye.”

8. Kanjalo uJehova wabahlakazela emhlabeni wonke, bephuma lapho; bayeka ukwakha umuzi.

9. Ngalokho igama lawo lathiwa iBabele,* ngokuba uJehova wasanganisa khona ulimi lomhlaba wonke; wabahlakazela emhlabeni wonke.

10. Lezi ziyizizukulwane zikaShemi; uShemi wayeneminyaka eyikhulu, wazala u-Arpakishade iminyaka emibili emva kukazamcolo.

11. Emva kokuzalwa kuka-Arpakishade uShemi wahamba iminyaka engamakhulu ayisihlanu, wazala amadodana namadodakazi.

12. U-Arpakishade wahamba iminyaka engamashumi amathathu nanhlanu, wazala uShela.

13. Emva kokuzalwa kukaShela u-Arpakishade wahamba iminyaka engamakhulu amane nantathu, wazala amadodana namadodakazi.

14. UShela wahamba iminyaka engamashumi amathathu, wazala u-Ebere.

15. Emva kokuzalwa kuka-Ebere uShela wahamba iminyaka engamakhulu amane nantathu, wazala amadodana namadodakazi.

16. U-Ebere wahamba iminyaka engamashumi amathathu nane, wazala uPhelege.

Ugenesise 11