Ugenesise 11:4-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Bathi: “Wozani, asakhe umuzi nombhoshongo osiqongo sawo sisezulwini, sizenzele igama, funa sihlakazeke ebusweni bomhlaba wonke.”

5. UJehova wehla ukuba abone umuzi nombhoshongo okwakhiwa ngabantwana babantu.

6. UJehova wathi: “Bheka, bonke basizwe sinye nolimi lunye; yikho abaqala ngakho; manje abayikunqanyulelwa lutho abahlosa ukulwenza.

7. Wozani sehle, siye ukusanganisa ulimi lwabo ukuba bangezwani, kube yilowo nalowo ulimi lomunye.”

8. Kanjalo uJehova wabahlakazela emhlabeni wonke, bephuma lapho; bayeka ukwakha umuzi.

9. Ngalokho igama lawo lathiwa iBabele,* ngokuba uJehova wasanganisa khona ulimi lomhlaba wonke; wabahlakazela emhlabeni wonke.

10. Lezi ziyizizukulwane zikaShemi; uShemi wayeneminyaka eyikhulu, wazala u-Arpakishade iminyaka emibili emva kukazamcolo.

11. Emva kokuzalwa kuka-Arpakishade uShemi wahamba iminyaka engamakhulu ayisihlanu, wazala amadodana namadodakazi.

12. U-Arpakishade wahamba iminyaka engamashumi amathathu nanhlanu, wazala uShela.

Ugenesise 11