Ugenesise 11:30-32 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

30. USarayi wayeyinyumba, engenamntwana.

31. UThera wathatha u-Abrama indodana yakhe, noLoti indodana kaHarana, indodana yendodana yakhe, noSarayi umalokazana wakhe, umka-Abrama indodana yakhe, waphuma nabo e-Uri lamaKaledi ukuya ezweni laseKhanani; bafika eHarana, bakha khona.

32. Izinsuku zikaThera zaziyiminyaka engamakhulu amabili nanhlanu; uThera wafela eHarana.

Ugenesise 11