23. Emva kokuzalwa kukaNahori uSerugi wahamba iminyaka engamakhulu amabili, wazala amadodana namadodakazi.
24. UNahori wahamba iminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye, wazala uThera.
25. Emva kokuzalwa kukaThera uNahori wahamba iminyaka eyikhulu neshumi nesishiyagalolunye, wazala amadodana namadodakazi.
26. UThera wahamba iminyaka engamashumi ayisikhombisa, wazala o-Abrama, noNahori, noHarana.
27. Lezi ziyizizukulwane zikaThera.UThera wazala o-Abrama, noNahori, noHarana; uHarana wazala uLoti.
28. UHarana wafa phambi kukayise uThera ezweni lokuzalwa kwakhe, i-Uri lamaKaledi.
29. O-Abrama noNahori bazithathela abafazi; igama lomka-Abrama lalinguSarayi; igama lomkaNahori lalinguMilka, indodakazi kaHarana, uyise kaMilka noyise kaJiska.
30. USarayi wayeyinyumba, engenamntwana.
31. UThera wathatha u-Abrama indodana yakhe, noLoti indodana kaHarana, indodana yendodana yakhe, noSarayi umalokazana wakhe, umka-Abrama indodana yakhe, waphuma nabo e-Uri lamaKaledi ukuya ezweni laseKhanani; bafika eHarana, bakha khona.
32. Izinsuku zikaThera zaziyiminyaka engamakhulu amabili nanhlanu; uThera wafela eHarana.