Ugenesise 11:2-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. Kwathi ekusukeni kwabo empumalanga bafumana ithafa ezweni laseShineyari; bakha khona.

3. Base bethi omunye komunye: “Wozani, ake senze izitini, sizishisise.” Izitini zaba ngamatshe abo, nebitume* laba ludaka lwabo.

4. Bathi: “Wozani, asakhe umuzi nombhoshongo osiqongo sawo sisezulwini, sizenzele igama, funa sihlakazeke ebusweni bomhlaba wonke.”

5. UJehova wehla ukuba abone umuzi nombhoshongo okwakhiwa ngabantwana babantu.

6. UJehova wathi: “Bheka, bonke basizwe sinye nolimi lunye; yikho abaqala ngakho; manje abayikunqanyulelwa lutho abahlosa ukulwenza.

7. Wozani sehle, siye ukusanganisa ulimi lwabo ukuba bangezwani, kube yilowo nalowo ulimi lomunye.”

8. Kanjalo uJehova wabahlakazela emhlabeni wonke, bephuma lapho; bayeka ukwakha umuzi.

9. Ngalokho igama lawo lathiwa iBabele,* ngokuba uJehova wasanganisa khona ulimi lomhlaba wonke; wabahlakazela emhlabeni wonke.

10. Lezi ziyizizukulwane zikaShemi; uShemi wayeneminyaka eyikhulu, wazala u-Arpakishade iminyaka emibili emva kukazamcolo.

11. Emva kokuzalwa kuka-Arpakishade uShemi wahamba iminyaka engamakhulu ayisihlanu, wazala amadodana namadodakazi.

12. U-Arpakishade wahamba iminyaka engamashumi amathathu nanhlanu, wazala uShela.

13. Emva kokuzalwa kukaShela u-Arpakishade wahamba iminyaka engamakhulu amane nantathu, wazala amadodana namadodakazi.

14. UShela wahamba iminyaka engamashumi amathathu, wazala u-Ebere.

Ugenesise 11