Ugenesise 11:15-32 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. Emva kokuzalwa kuka-Ebere uShela wahamba iminyaka engamakhulu amane nantathu, wazala amadodana namadodakazi.

16. U-Ebere wahamba iminyaka engamashumi amathathu nane, wazala uPhelege.

17. Emva kokuzalwa kukaPhelege u-Ebere wahamba iminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu, wazala amadodana namadodakazi.

18. UPhelege wahamba iminyaka engamashumi amathathu, wazala uRehu.

19. Emva kokuzalwa kukaRehu uPhelege wahamba iminyaka engamakhulu amabili nesishiyagalolunye, wazala amadodana namadodakazi.

20. URehu wahamba iminyaka engamashumi amathathu nambili, wazala uSerugi.

21. Emva kokuzalwa kukaSerugi uRehu wahamba iminyaka engamakhulu amabili nesikhombisa, wazala amadodana namadodakazi.

22. USerugi wahamba iminyaka engamashumi amathathu, wazala uNahori.

23. Emva kokuzalwa kukaNahori uSerugi wahamba iminyaka engamakhulu amabili, wazala amadodana namadodakazi.

24. UNahori wahamba iminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye, wazala uThera.

25. Emva kokuzalwa kukaThera uNahori wahamba iminyaka eyikhulu neshumi nesishiyagalolunye, wazala amadodana namadodakazi.

26. UThera wahamba iminyaka engamashumi ayisikhombisa, wazala o-Abrama, noNahori, noHarana.

27. Lezi ziyizizukulwane zikaThera.UThera wazala o-Abrama, noNahori, noHarana; uHarana wazala uLoti.

28. UHarana wafa phambi kukayise uThera ezweni lokuzalwa kwakhe, i-Uri lamaKaledi.

29. O-Abrama noNahori bazithathela abafazi; igama lomka-Abrama lalinguSarayi; igama lomkaNahori lalinguMilka, indodakazi kaHarana, uyise kaMilka noyise kaJiska.

30. USarayi wayeyinyumba, engenamntwana.

31. UThera wathatha u-Abrama indodana yakhe, noLoti indodana kaHarana, indodana yendodana yakhe, noSarayi umalokazana wakhe, umka-Abrama indodana yakhe, waphuma nabo e-Uri lamaKaledi ukuya ezweni laseKhanani; bafika eHarana, bakha khona.

32. Izinsuku zikaThera zaziyiminyaka engamakhulu amabili nanhlanu; uThera wafela eHarana.

Ugenesise 11