11. Emva kokuzalwa kuka-Arpakishade uShemi wahamba iminyaka engamakhulu ayisihlanu, wazala amadodana namadodakazi.
12. U-Arpakishade wahamba iminyaka engamashumi amathathu nanhlanu, wazala uShela.
13. Emva kokuzalwa kukaShela u-Arpakishade wahamba iminyaka engamakhulu amane nantathu, wazala amadodana namadodakazi.
14. UShela wahamba iminyaka engamashumi amathathu, wazala u-Ebere.
15. Emva kokuzalwa kuka-Ebere uShela wahamba iminyaka engamakhulu amane nantathu, wazala amadodana namadodakazi.
16. U-Ebere wahamba iminyaka engamashumi amathathu nane, wazala uPhelege.