Ugenesise 10:8-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. UKushe wazala uNimrode; yena waqala ukuba ngonamandla emhlabeni.

9. Wayeyiphisi elinamandla ebusweni bukaJehova; ngalokho kuthiwa: “Iphisi elinamandla njengoNimrode ebusweni bukaJehova.”

10. Ukubusa kwakhe kwaqala eBabele, nase-Ereke, nase-Akade, naseKaline, ezweni laseShineyari.

11. Waphuma kulelo zwe, waya e-Asiriya, wakha iNineve, neRehoboti-Ire, neKhala,

12. neResene phakathi kweNineve neKhala; lo ungumuzi omkhulu.

13. UMisirayimi wazala amaLudi, nama-Anami, namaLehabi, namaNafetuhi,

14. namaPatrusi, namaKasuluhi, lapho kwavela khona amaFilisti namaKafitori.

15. UKhanani wazala uSidoni, izibulo lakhe, noHeti,

16. namaJebusi, nama-Amori, namaGirigashi,

17. namaHivi, nama-Arki, namaSini,

18. nama-Arvadi, namaSemari, namaHamati; ngasemuva imindeni yamaKhanani yahlakazeka.

19. Umkhawulo wamaKhanani wawususukela eSidoni, waya ngaseGerari waze wafika eGaza; waya ngaseSodoma naseGomora nase-Adima naseSeboyimi waze wafika eLasha.

20. Labo babe ngamadodana kaHamu ngemindeni yawo nangezilimi zawo emazweni awo nasezizweni zawo.

21. NoShemi uyise wabantwana bonke baka-Ebere, umnewabo omkhulu kaJafete, wazala abantwana.

22. Amadodana kaShemi: ngo-Elamu, no-Ashuri, no-Arapakishade, noLude, no-Aramu.

23. Amadodana ka-Aramu: ngo-Use, noHule, noGeteri, noMashe.

24. U-Arpakishade wazala uShela; uShela wazala u-Ebere.

25. U-Ebere wazala amadodana amabili; igama lomunye lalinguPhelege,* ngokuba emihleni yakhe izwe ladatshulwa. Igama lomfowabo lalinguJokothane.

Ugenesise 10