Ugenesise 10:7-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Amadodana kaKushe: ngoSeba, noHavila, noSabita, noRama, noSabitheka. Amadodana kaRama: ngoSheba noDedani.

8. UKushe wazala uNimrode; yena waqala ukuba ngonamandla emhlabeni.

9. Wayeyiphisi elinamandla ebusweni bukaJehova; ngalokho kuthiwa: “Iphisi elinamandla njengoNimrode ebusweni bukaJehova.”

10. Ukubusa kwakhe kwaqala eBabele, nase-Ereke, nase-Akade, naseKaline, ezweni laseShineyari.

11. Waphuma kulelo zwe, waya e-Asiriya, wakha iNineve, neRehoboti-Ire, neKhala,

12. neResene phakathi kweNineve neKhala; lo ungumuzi omkhulu.

13. UMisirayimi wazala amaLudi, nama-Anami, namaLehabi, namaNafetuhi,

14. namaPatrusi, namaKasuluhi, lapho kwavela khona amaFilisti namaKafitori.

Ugenesise 10