Ugenesise 10:22-32 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

22. Amadodana kaShemi: ngo-Elamu, no-Ashuri, no-Arapakishade, noLude, no-Aramu.

23. Amadodana ka-Aramu: ngo-Use, noHule, noGeteri, noMashe.

24. U-Arpakishade wazala uShela; uShela wazala u-Ebere.

25. U-Ebere wazala amadodana amabili; igama lomunye lalinguPhelege,* ngokuba emihleni yakhe izwe ladatshulwa. Igama lomfowabo lalinguJokothane.

26. UJokothane wazala o-Alimodade, noShelefe, noHasaramavete, noJere,

27. noHadoramu, no-Uzali, noDikila,

28. no-Obale, no-Abimayele, noSheba,

29. no-Ofiri, noHavila, noJababi; bonke laba babengamadodana kaJokothane.

30. Ukwakha kwabo kwasukela eMesha kwaze kwafika ngaseSefare, intaba yasempumalanga.

31. Laba babe ngamadodana kaShemi ngemindeni yawo nangezilimi zawo, emazweni awo nasezizweni zawo.

32. Lezi ziyimindeni yamadodana kaNowa ngezizukulwane zawo ezizweni zawo; ngalawo izizwe zahlakazeka emhlabeni emva kukazamcolo.

Ugenesise 10