Ugenesise 10:19-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. Umkhawulo wamaKhanani wawususukela eSidoni, waya ngaseGerari waze wafika eGaza; waya ngaseSodoma naseGomora nase-Adima naseSeboyimi waze wafika eLasha.

20. Labo babe ngamadodana kaHamu ngemindeni yawo nangezilimi zawo emazweni awo nasezizweni zawo.

21. NoShemi uyise wabantwana bonke baka-Ebere, umnewabo omkhulu kaJafete, wazala abantwana.

22. Amadodana kaShemi: ngo-Elamu, no-Ashuri, no-Arapakishade, noLude, no-Aramu.

23. Amadodana ka-Aramu: ngo-Use, noHule, noGeteri, noMashe.

24. U-Arpakishade wazala uShela; uShela wazala u-Ebere.

25. U-Ebere wazala amadodana amabili; igama lomunye lalinguPhelege,* ngokuba emihleni yakhe izwe ladatshulwa. Igama lomfowabo lalinguJokothane.

26. UJokothane wazala o-Alimodade, noShelefe, noHasaramavete, noJere,

27. noHadoramu, no-Uzali, noDikila,

28. no-Obale, no-Abimayele, noSheba,

29. no-Ofiri, noHavila, noJababi; bonke laba babengamadodana kaJokothane.

Ugenesise 10