Ugenesise 10:10-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. Ukubusa kwakhe kwaqala eBabele, nase-Ereke, nase-Akade, naseKaline, ezweni laseShineyari.

11. Waphuma kulelo zwe, waya e-Asiriya, wakha iNineve, neRehoboti-Ire, neKhala,

12. neResene phakathi kweNineve neKhala; lo ungumuzi omkhulu.

13. UMisirayimi wazala amaLudi, nama-Anami, namaLehabi, namaNafetuhi,

14. namaPatrusi, namaKasuluhi, lapho kwavela khona amaFilisti namaKafitori.

15. UKhanani wazala uSidoni, izibulo lakhe, noHeti,

16. namaJebusi, nama-Amori, namaGirigashi,

17. namaHivi, nama-Arki, namaSini,

18. nama-Arvadi, namaSemari, namaHamati; ngasemuva imindeni yamaKhanani yahlakazeka.

19. Umkhawulo wamaKhanani wawususukela eSidoni, waya ngaseGerari waze wafika eGaza; waya ngaseSodoma naseGomora nase-Adima naseSeboyimi waze wafika eLasha.

20. Labo babe ngamadodana kaHamu ngemindeni yawo nangezilimi zawo emazweni awo nasezizweni zawo.

21. NoShemi uyise wabantwana bonke baka-Ebere, umnewabo omkhulu kaJafete, wazala abantwana.

Ugenesise 10