10. Ukubusa kwakhe kwaqala eBabele, nase-Ereke, nase-Akade, naseKaline, ezweni laseShineyari.
11. Waphuma kulelo zwe, waya e-Asiriya, wakha iNineve, neRehoboti-Ire, neKhala,
12. neResene phakathi kweNineve neKhala; lo ungumuzi omkhulu.
13. UMisirayimi wazala amaLudi, nama-Anami, namaLehabi, namaNafetuhi,
14. namaPatrusi, namaKasuluhi, lapho kwavela khona amaFilisti namaKafitori.
15. UKhanani wazala uSidoni, izibulo lakhe, noHeti,
16. namaJebusi, nama-Amori, namaGirigashi,
17. namaHivi, nama-Arki, namaSini,
18. nama-Arvadi, namaSemari, namaHamati; ngasemuva imindeni yamaKhanani yahlakazeka.
19. Umkhawulo wamaKhanani wawususukela eSidoni, waya ngaseGerari waze wafika eGaza; waya ngaseSodoma naseGomora nase-Adima naseSeboyimi waze wafika eLasha.
20. Labo babe ngamadodana kaHamu ngemindeni yawo nangezilimi zawo emazweni awo nasezizweni zawo.
21. NoShemi uyise wabantwana bonke baka-Ebere, umnewabo omkhulu kaJafete, wazala abantwana.