1. Lezi ziyizizukulwane zamadodana kaNowa: ngoShemi, noHamu, noJafete; bazalelwa amadodana emva kukazamcolo.
2. Amadodana kaJafete: ngoGomere, noMagoge, noMadayi, noJavani, noThubali, noMesheke, noTirase.
3. Amadodana kaGomere: ngo-Ashikenaze, noRifate, noThogarma.
4. Amadodana kaJavani: ngo-Elisha, noTharishishi, noKitimi, noDodanimi.
5. Kuvela kulabo iziqhingi zabezizwe zahlukaniselwa amazwe abo, kwaba yilelo nalelo ngolimi lwalo, nangemindeni yalo, nangezizwe zalo.