1. Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba.
2. Umhlaba wawuyihlane elingenalutho; kwakungubumnyama phezu kotwa, kepha uMoya kaNkulunkulu wehla wenyuka phezu kwamanzi.
3. UNkulunkulu wathi: “Makube khona ukukhanya,” kwaba khona ukukhanya.
4. UNkulunkulu wabona ukukhanya ukuthi kuhle; uNkulunkulu wahlukanisa ukukhanya nobumnyama.
5. UNkulunkulu wabiza ukukhanya ngokuthi imini; ubumnyama wabubiza ngokuthi ubusuku. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lokuqala.