1. Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba.
2. Umhlaba wawuyihlane elingenalutho; kwakungubumnyama phezu kotwa, kepha uMoya kaNkulunkulu wehla wenyuka phezu kwamanzi.
3. UNkulunkulu wathi: “Makube khona ukukhanya,” kwaba khona ukukhanya.
4. UNkulunkulu wabona ukukhanya ukuthi kuhle; uNkulunkulu wahlukanisa ukukhanya nobumnyama.
5. UNkulunkulu wabiza ukukhanya ngokuthi imini; ubumnyama wabubiza ngokuthi ubusuku. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lokuqala.
6. UNkulunkulu wathi: “Makube khona umkhathi phakathi kwamanzi, kwahlukaniswe amanzi namanzi.”
7. UNkulunkulu wenza umkhathi, wahlukanisa amanzi aphansi komkhathi namanzi aphezu komkhathi; kwaba njalo.
8. UNkulunkulu wabiza umkhathi ngokuthi izulu. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesibili.
9. UNkulunkulu wathi: “Amanzi aphansi kwezulu mawaqoqekele ndawonye, kubonakale umhlabathi owomileyo,” kwaba njalo.
10. Okomileyo uNkulunkulu wakubiza ngokuthi umhlaba, nokuqoqeka kwamanzi wakubiza ngokuthi ulwandle; uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.