Uduteronomi 9:6-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Yazi-ke uJehova uNkulunkulu wakho akakuniki leli zwe elihle ukuba ulidle ngenxa yokulunga kwakho, ngokuba uyisizwe esintamo ilukhuni.

7. “Khumbula, ungakhohlwa ukuthi wamthukuthelisa uJehova uNkulunkulu wakho ehlane; kusukela osukwini owaphuma ngalo ezweni laseGibithe waze wafika kule ndawo nanizinge nihlubuka kuJehova.

8. NaseHorebe namthukuthelisa uJehova, uJehova wanithukuthelela ukuba anibhubhise.

9. Lapho sengikhuphukele entabeni ukuba ngamukele izibhebhe zamatshe, izibhebhe zesivumelwano uJehova asenza nani, ngahlala entabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; angidlanga sinkwa, angiphuzanga manzi.

10. UJehova wanginika lezo zibhebhe ezimbili zamatshe, zilotshwe ngomunwe kaNkulunkulu; kwakulotshwe kuzona njengamazwi onke uJehova awakhuluma kini entabeni, ephakathi komlilo ngosuku lokuhlangana.

11. “Kwathi ngasekupheleni kwezinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane uJehova wanginika izibhebhe zombili zamatshe, izibhebhe zesivumelwano.

12. UJehova wathi kimi: ‘Vuka wehle lapha masinyane, ngokuba abantu bakho owabakhipha eGibithe bonile, baphambukile masinyane endleleni engabayala ngayo; bazenzele isithombe esibunjiweyo.’

13. “UJehova wabuye wakhuluma kimi, wathi: ‘Ngibabonile laba bantu; bheka, bangabantu abantamo ilukhuni;

14. ngiyeke ukuba ngibabhubhise, ngesule igama labo phansi kwezulu, ngenze wena ube yisizwe esinamandla nesikhulu kunabo.’

15. “Ngase ngiphenduka ngehla entabeni, intaba yavutha umlilo; izibhebhe zombili zesivumelwano zazisezandleni zami zombili.

16. Ngase ngibheka, ngabona ukuthi nanonile kuJehova; nanizenzele ithole elibunjiweyo; naniphambukile masinyane endleleni uJehova abeniyale ngayo.

17. Ngathatha-ke izibhebhe zombili, ngazilahla ezandleni zami zombili, ngazaphula phambi kwamehlo enu.

18. “Ngawela phansi phambi kukaJehova njengakuqala izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; angidlanga sinkwa, angiphuzanga manzi ngenxa yaso sonke isono senu enona ngaso ngokwenza okubi emehlweni kaJehova ukuba nimthukuthelise.

19. Ngokuba ngangesaba intukuthelo nolaka uJehova anithukuthelela ngakho ukuba anibhubhise, kepha uJehova wangizwa nangaleso sikhathi.

Uduteronomi 9