Uduteronomi 9:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. “Yizwa, Israyeli: Wena uyakuwela iJordani namuhla, ungene udle izizwe ezinkulu nezinamandla kunawe, imizi emikhulu nebiyelwe kuze kube sezulwini,

2. abantu abakhulu nabade, amadodana ama-Anaki owaziyo, ozwile ngawo ukuthi: ‘Ngubani ongema phambi kwamadodana ka-Anaki na?’

3. Yazi-ke namuhla ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho unguye owela ngaphambi kwakho njengomlilo oqedayo; uyakubachitha, abanqobe, wena ubaxoshe, ubabhubhise masinyane, njengalokho ebekhuluma kuwe uJehova.

4. “Ungakhulumi enhliziyweni yakho, uJehova uNkulunkulu wakho esebaxoshile ngaphambi kwakho, ngokuthi: ‘Ngenxa yokulunga kwami uJehova ungingenisile ukuba ngidle leli zwe,’ ingani kungenxa yobubi balezo zizwe uJehova azixosha phambi kwakho.

5. Akungokulunga kwakho noma ngobuqotho benhliziyo yakho ungena ulidle izwe lazo, kepha kungobubi balezo zizwe uJehova uNkulunkulu wakho azixosha phambi kwakho nangokuba eyakuliqinisa izwi uJehova alifungela oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.

Uduteronomi 9