Uduteronomi 7:9-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Yazi-ke ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu, uNkulunkulu othembekileyo, ogcina isivumelwano nomusa nabamthandayo abagcina imiyalo yakhe kuze kube sezizukulwaneni eziyinkulungwane,

10. abaphindisele abamzondayo ebusweni babo, ababhubhise; akayikulibala kuyena omzondayo, uyakumphindisela ebusweni bakhe.

11. Ngalokho uyakugcina imiyalo, nezimiso, nezahlulelo engikuyala ngakho namuhla ukukwenza.

12. “Kuyakuthi ngokuba nilalela lezi zahlulelo, nizigcine, nizenze, uJehova uNkulunkulu wakho uyakugcina isivumelwano nawe nomusa awufungela oyihlo,

13. akuthande, akubusise, akwandise, abusise nenzalo yesisu sakho, nesithelo somhlabathi wakho, namabele akho, newayini lakho, namafutha akho, nenzalo yezinkomo zakho, nokwanda kwezimvu zakho ezweni alifungela oyihlo ukuninika lona.

14. Uyakubusiswa ngaphezu kwezizwe zonke, kungabikho mlisa nowesifazane oyinyumba phakathi kwenu noma phakathi kwezinkomo zenu.

15. UJehova uyakususa kuwe zonke izifo, angabeki kuwe izifo ezimbi zaseGibithe ozaziyo, kepha azifake phezu kwabo bonke abakuzondayo.

16. Uyakuqeda zonke izizwe uJehova uNkulunkulu wakho ayakuzinikela kuwe; iso lakho lingazihawukeli, ungakhonzi onkulunkulu bazo, ngokuba lokho kuyakuba lugibe kuwe.

17. “Uma uyakuthi enhliziyweni yakho: ‘Lezi zizwe ziningi kunami; ngingazixosha kanjani?’

18. ungazesabi, kodwa ukhumbule kahle lokho uJehova uNkulunkulu wakho akwenza kuFaro nakulo lonke iGibithe:

Uduteronomi 7