4. Ngokuba uyakuphambukisa indodana yakho ekungilandeleni ukuba bakhonze abanye onkulunkulu, intukuthelo kaJehova ikuvuthele, akuchithe masinyane.
5. Niyakubaphatha kanje: niyakudiliza ama-altare abo, niphohloze izinsika zabo, ninqume o-Ashera* babo, nishise ngomlilo izithombe zabo ezibaziweyo.
6. Ngokuba uyisizwe esingcwele kuJehova uNkulunkulu wakho: uJehova uNkulunkulu wakho ukukhethile ukuba ube yisizwe senzuzo yakhe phezu kwezizwe zonke ezisebusweni bomhlaba.
7. “UJehova akanamathelanga kini, kanikhethanga ngokuba nanibaningi kunezinye izizwe, ngokuba naniyingcosana kunezizwe zonke,
8. kepha ngokuba uJehova enithanda nangokuba ebeyakugcina isifungo asifungela oyihlo uJehova unikhiphile ngesandla esinamandla, wanihlenga endlini yezigqila esandleni sikaFaro inkosi yaseGibithe.
9. Yazi-ke ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu, uNkulunkulu othembekileyo, ogcina isivumelwano nomusa nabamthandayo abagcina imiyalo yakhe kuze kube sezizukulwaneni eziyinkulungwane,
10. abaphindisele abamzondayo ebusweni babo, ababhubhise; akayikulibala kuyena omzondayo, uyakumphindisela ebusweni bakhe.
11. Ngalokho uyakugcina imiyalo, nezimiso, nezahlulelo engikuyala ngakho namuhla ukukwenza.
12. “Kuyakuthi ngokuba nilalela lezi zahlulelo, nizigcine, nizenze, uJehova uNkulunkulu wakho uyakugcina isivumelwano nawe nomusa awufungela oyihlo,
13. akuthande, akubusise, akwandise, abusise nenzalo yesisu sakho, nesithelo somhlabathi wakho, namabele akho, newayini lakho, namafutha akho, nenzalo yezinkomo zakho, nokwanda kwezimvu zakho ezweni alifungela oyihlo ukuninika lona.
14. Uyakubusiswa ngaphezu kwezizwe zonke, kungabikho mlisa nowesifazane oyinyumba phakathi kwenu noma phakathi kwezinkomo zenu.
15. UJehova uyakususa kuwe zonke izifo, angabeki kuwe izifo ezimbi zaseGibithe ozaziyo, kepha azifake phezu kwabo bonke abakuzondayo.
16. Uyakuqeda zonke izizwe uJehova uNkulunkulu wakho ayakuzinikela kuwe; iso lakho lingazihawukeli, ungakhonzi onkulunkulu bazo, ngokuba lokho kuyakuba lugibe kuwe.
17. “Uma uyakuthi enhliziyweni yakho: ‘Lezi zizwe ziningi kunami; ngingazixosha kanjani?’
18. ungazesabi, kodwa ukhumbule kahle lokho uJehova uNkulunkulu wakho akwenza kuFaro nakulo lonke iGibithe:
19. izilingo ezinkulu azibonayo amehlo akho, nezibonakaliso, nezimangaliso, nesandla esinamandla, nengalo eyeluliweyo uJehova uNkulunkulu wakho akukhipha ngakho; uyakwenza kanje uJehova uNkulunkulu wakho kuzo zonke izizwe ozesabayo.
20. Futhi uJehova uNkulunkulu wakho uyakuthuma iminyovu phakathi kwazo, kuze kuthi bona abaseleyo abazithukusayo baphele phambi kwakho.
21. Ngalokho awuyikuzesaba, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uphakathi kwakho, uNkulunkulu omkhulu nowesabekayo.