Uduteronomi 7:10-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. abaphindisele abamzondayo ebusweni babo, ababhubhise; akayikulibala kuyena omzondayo, uyakumphindisela ebusweni bakhe.

11. Ngalokho uyakugcina imiyalo, nezimiso, nezahlulelo engikuyala ngakho namuhla ukukwenza.

12. “Kuyakuthi ngokuba nilalela lezi zahlulelo, nizigcine, nizenze, uJehova uNkulunkulu wakho uyakugcina isivumelwano nawe nomusa awufungela oyihlo,

13. akuthande, akubusise, akwandise, abusise nenzalo yesisu sakho, nesithelo somhlabathi wakho, namabele akho, newayini lakho, namafutha akho, nenzalo yezinkomo zakho, nokwanda kwezimvu zakho ezweni alifungela oyihlo ukuninika lona.

14. Uyakubusiswa ngaphezu kwezizwe zonke, kungabikho mlisa nowesifazane oyinyumba phakathi kwenu noma phakathi kwezinkomo zenu.

15. UJehova uyakususa kuwe zonke izifo, angabeki kuwe izifo ezimbi zaseGibithe ozaziyo, kepha azifake phezu kwabo bonke abakuzondayo.

16. Uyakuqeda zonke izizwe uJehova uNkulunkulu wakho ayakuzinikela kuwe; iso lakho lingazihawukeli, ungakhonzi onkulunkulu bazo, ngokuba lokho kuyakuba lugibe kuwe.

17. “Uma uyakuthi enhliziyweni yakho: ‘Lezi zizwe ziningi kunami; ngingazixosha kanjani?’

18. ungazesabi, kodwa ukhumbule kahle lokho uJehova uNkulunkulu wakho akwenza kuFaro nakulo lonke iGibithe:

19. izilingo ezinkulu azibonayo amehlo akho, nezibonakaliso, nezimangaliso, nesandla esinamandla, nengalo eyeluliweyo uJehova uNkulunkulu wakho akukhipha ngakho; uyakwenza kanje uJehova uNkulunkulu wakho kuzo zonke izizwe ozesabayo.

20. Futhi uJehova uNkulunkulu wakho uyakuthuma iminyovu phakathi kwazo, kuze kuthi bona abaseleyo abazithukusayo baphele phambi kwakho.

21. Ngalokho awuyikuzesaba, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uphakathi kwakho, uNkulunkulu omkhulu nowesabekayo.

22. UJehova uNkulunkulu wakho uyakuxosha lezo zizwe phambi kwakho kancane kancane, ungaziqedi masinyane, funa izilwane zasendle zande ngaphezu kwakho.

23. Kepha uJehova uNkulunkulu wakho uyakuzinikela phambi kwakho, azingquzule ngokungquzula okukhulu, zize zichithwe.

24. Uyakuwanikela amakhosi azo esandleni sakho, wena uqede igama lawo phansi kwezulu; akuyikubakho muntu ongema phambi kwakho, uze uzichithe.

25. Izithombe ezibaziweyo zawonkulunkulu bazo niyakuzishisa ngomlilo; awuyikufisa isiliva noma igolide elikuzo, ungazithatheli lona, funa ucushwe ngalo, ngokuba kuyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho;

26. awuyikungenisa isinengiso endlini yakho, ube yinto eqalekisiweyo njengaso; uyakusenyanya nokusenyanya, unengwe nokunengwa yiso, ngokuba kuyinto eqalekisiweyo.

Uduteronomi 7