1. “Lapho uJehova uNkulunkulu wakho eyakukungenisa ezweni oya kulo ukulidla, axoshe izizwe eziningi phambi kwakho, amaHeti, namaGirigashi, nama-Amori, namaKhanani, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, izizwe eziyisikhombisa ezinkulu nezinamandla kunawe,
2. nalapho uJehova uNkulunkulu wakho ezinikela phambi kwakho, uzinqobe, wozichitha nokuzichitha, ungenzi isivumelwano nazo, ungabi namusa kuzo,
3. ungaganiselani nazo, ungayiniki indodana yakhe indodakazi yakho, ungathatheli indodana yakho indodakazi yakhe.
4. Ngokuba uyakuphambukisa indodana yakho ekungilandeleni ukuba bakhonze abanye onkulunkulu, intukuthelo kaJehova ikuvuthele, akuchithe masinyane.
5. Niyakubaphatha kanje: niyakudiliza ama-altare abo, niphohloze izinsika zabo, ninqume o-Ashera* babo, nishise ngomlilo izithombe zabo ezibaziweyo.
6. Ngokuba uyisizwe esingcwele kuJehova uNkulunkulu wakho: uJehova uNkulunkulu wakho ukukhethile ukuba ube yisizwe senzuzo yakhe phezu kwezizwe zonke ezisebusweni bomhlaba.
7. “UJehova akanamathelanga kini, kanikhethanga ngokuba nanibaningi kunezinye izizwe, ngokuba naniyingcosana kunezizwe zonke,
8. kepha ngokuba uJehova enithanda nangokuba ebeyakugcina isifungo asifungela oyihlo uJehova unikhiphile ngesandla esinamandla, wanihlenga endlini yezigqila esandleni sikaFaro inkosi yaseGibithe.
9. Yazi-ke ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu, uNkulunkulu othembekileyo, ogcina isivumelwano nomusa nabamthandayo abagcina imiyalo yakhe kuze kube sezizukulwaneni eziyinkulungwane,