14. Aniyikulandela abanye onkulunkulu, onkulunkulu babantu abanizungezayo
15. ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ophakathi kwakho unguNkulunkulu onomhawu funa intukuthelo kaJehova uNkulunkulu wakho ikuvuthele, ikuchithe ebusweni bomhlaba.
16. “Aniyikumlinga uJehova uNkulunkulu wenu, njengalokho namlinga eMasa.
17. Niyakugcina nokugcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu, nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe akuyale ngakho.
18. Wokwenza okulungile nokuhle emehlweni kaJehova ukuba kube kuhle kuwe, ungene ulidle lelo zwe elihle uJehova alifungela oyihlo
19. ukuxosha zonke izitha zakho phambi kwakho, njengalokho ekhulumile uJehova.
20. “Lapho indodana yakho ikubuza ngesikhathi esizayo, ithi: ‘Buyini ubufakazi, nezimiso, nezahlulelo uJehova uNkulunkulu wethu aniyale ngakho na?’
21. uyakusho kuyo indodana yakho ukuthi: ‘Sasiyizigqila zikaFaro eGibithe; uJehova wasikhipha eGibithe ngesandla esinamandla;
22. uJehova wenza izibonakaliso nezimangaliso ezinkulu nezesabekayo phezu kweGibithe, naphezu kukaFaro, naphezu kwayo yonke indlu yakhe phambi kwamehlo ethu,
23. wasikhipha lapho ukuba asingenise ukusinika izwe alifungela obaba.
24. UJehova wasiyala ukwenza zonke lezo zimiso, simesabe uJehova uNkulunkulu wethu, kube kuhle kithi njalo, ukuba asiphe siphile njenganamuhla.
25. Kuyakuba ngukulunga kithi, uma sigcina ukwenza yonke le miyalo phambi kukaJehova uNkulunkulu wethu, njengalokho esiyalile.’