Uduteronomi 5:3-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. UJehova akasenzanga lesi sivumelwano nawobaba, wasenza nathi, yebo, thina esikhona lapha sonke namuhla siphilile.

4. UJehova wakhuluma kinina ubuso nobuso entabeni ephakathi komlilo.

5. Mina ngema phakathi kukaJehova nani ngaleso sikhathi ukunazisa izwi likaJehova, ngokuba nesaba ngenxa yomlilo, anakhuphukela entabeni. Wathi:

6. “ ‘NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.

7. “ ‘Ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami.

8. “ ‘Ungazenzeli izithombe ezibaziweyo zomfanekiso wokusezulwini phezulu, nokusemhlabeni phansi, nokusemanzini phansi komhlaba;

9. ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo,

10. kepha ngibenzela umusa abayizinkulungwane abangithandayo, bagcine imiyalelo yami.

Uduteronomi 5