5. “Bhekani, nginifundisile izimiso nezahlulelo njengokungiyala kukaJehova uNkulunkulu wami ukuthi niyakwenza kanjalo phakathi kwezwe eningena kulo ukulidla.
6. Ngalokho manizigcine, nizenze, ngokuba lokhu kungukuhlakanipha kwenu nokuqonda kwenu emehlweni ezizwe eziyakuzizwa zonke lezi zimiso, zithi: ‘Impela lesi sizwe esikhulu singabantu abahlakaniphileyo nabaqondileyo.’
7. Ngokuba yisiphi isizwe esikhulu esinonkulunkulu oseduze naso njengoJehova uNkulunkulu wethu, enjalo nanini lapho simbiza, na?
8. Yisiphi isizwe esikhulu esinezimiso nezahlulelo ezilungile njengawo wonke lo mthetho engiwubeka phambi kwenu namuhla na?
9. “Kepha xwaya, ugcine kahle umphefumulo wakho, funa ukhohlwe izinto azibonayo amehlo akho, zimuke enhliziyweni yakho izinsuku zonke zokuhamba kwakho; bazise zona abantwana bakho nabantwana babantwana bakho:
10. usuku owema ngalo phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho eHorebe, lapho uJehova wathi kimi: ‘Ngibuthele abantu, ngibezwise amazwi ami ukuba bafunde ukungesaba zonke izinsuku zokuhamba kwabo emhlabeni, bafundise nabantwana babo.’
11. Nase nisondela, nema phansi kwentaba; intaba yavutha umlilo kwaze kwaba phakathi kwezulu, inobumnyama, namafu, nesigayegaye.
12. UJehova wayesekhuluma kini ephakathi komlilo; nezwa izwi likhuluma, kepha anibonanga simo, kwakuyizwi kuphela.
13. Wanimemezelela isivumelwano sakhe aniyala ngaso ukuba nisenze, imiyalelo eyishumi; wayiloba ezibhebheni ezimbili zamatshe.
14. UJehova wanginika ngaleso sikhathi ukunifundisa izimiso nezahlulelo ukuba nizenze ezweni eningena kulo ukulidla.
15. “Gcinani kahle imiphefumulo yenu, lokhu ningabonanga simo ngalolo suku uJehova akhuluma ngalo kini eHorebe ephakathi komlilo,