41. Khona uMose wahlukanisa imizi emithathu ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga
42. ukuba umbulali abalekele khona, obulala umakhelwane wakhe kungengamabomu, ebekade engamzondi, wothi aphile uma ebalekela komunye waleyo mizi:
43. iBeseri elisehlane ezweni lethafa libe ngowabakwaRubeni, neRamoti elikwaGileyadi libe ngowabakwaGadi, neGolanu eliseBashani libe ngowabakwaManase.
44. Yiwo umthetho uMose awubeka phambi kwabantwana bakwa-Israyeli;
45. yibo ubufakazi, nezimiso, nezahlulelo uMose akukhulumayo kubantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe,
46. ngaphesheya kweJordani esigodini malungana neBeti Peyori ezweni likaSihoni inkosi yama-Amori, owahlala eHeshiboni, owanqotshwa nguMose nabantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe.
47. Balithatha izwe lakhe, balidla kanye nezwe lika-Ogi inkosi yaseBashani, amakhosi amabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani ngasempumalanga,
48. kusukela e-Aroweri eliseceleni kwesigodi sase-Arinoni kuze kube sentabeni yaseSiyoni eyiHermoni,
49. nalo lonke i-Araba ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, kuze kube seLwandle lwase-Araba phansi kwemithambeka yasePisiga.