Uduteronomi 4:40-49 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

40. Wogcina izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho namuhla ukuba kube kuhle kuwe, nakubantwana bakho emva kwakho, wandise izinsuku zakho ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona kuze kube phakade.”

41. Khona uMose wahlukanisa imizi emithathu ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga

42. ukuba umbulali abalekele khona, obulala umakhelwane wakhe kungengamabomu, ebekade engamzondi, wothi aphile uma ebalekela komunye waleyo mizi:

43. iBeseri elisehlane ezweni lethafa libe ngowabakwaRubeni, neRamoti elikwaGileyadi libe ngowabakwaGadi, neGolanu eliseBashani libe ngowabakwaManase.

44. Yiwo umthetho uMose awubeka phambi kwabantwana bakwa-Israyeli;

45. yibo ubufakazi, nezimiso, nezahlulelo uMose akukhulumayo kubantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe,

46. ngaphesheya kweJordani esigodini malungana neBeti Peyori ezweni likaSihoni inkosi yama-Amori, owahlala eHeshiboni, owanqotshwa nguMose nabantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe.

47. Balithatha izwe lakhe, balidla kanye nezwe lika-Ogi inkosi yaseBashani, amakhosi amabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani ngasempumalanga,

48. kusukela e-Aroweri eliseceleni kwesigodi sase-Arinoni kuze kube sentabeni yaseSiyoni eyiHermoni,

49. nalo lonke i-Araba ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, kuze kube seLwandle lwase-Araba phansi kwemithambeka yasePisiga.

Uduteronomi 4