13. Wanimemezelela isivumelwano sakhe aniyala ngaso ukuba nisenze, imiyalelo eyishumi; wayiloba ezibhebheni ezimbili zamatshe.
14. UJehova wanginika ngaleso sikhathi ukunifundisa izimiso nezahlulelo ukuba nizenze ezweni eningena kulo ukulidla.
15. “Gcinani kahle imiphefumulo yenu, lokhu ningabonanga simo ngalolo suku uJehova akhuluma ngalo kini eHorebe ephakathi komlilo,
16. funa none, nizenzele izithombe ezibaziweyo, isimo somfanekiso wowesilisa noma owowesifazane,
17. noma umfanekiso wesilwane esisemhlabeni, noma umfanekiso wenyoni enamaphiko, endizayo emkhathini,
18. noma umfanekiso wesilwanyana esinwabuzelayo emhlabeni, noma umfanekiso wenhlanzi esemanzini phansi komhlaba,
19. funa uphakamisele amehlo akho ezulwini, nalapho ubona ilanga nenyanga nezinkanyezi, lonke ibandla lezulu, uyengwe, uze ukhuleke kukho, ukukhonze, okwabelwe izizwe zonke eziphansi kwezulu nguJehova uNkulunkulu wakho.
20. Kepha uJehova wakuthatha, wakukhipha esithandweni sensimbi, iGibithe, ube ngabantu befa kuye njenganamuhla.
21. “Futhi uJehova wangithukuthelela ngenxa yenu, wafunga ukuthi angiyikuwela iJordani nokuthi angiyikungena kulelo zwe elihle uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe yifa lakho,
22. kepha ngimelwe ukufa mina kulelizwe, ngingaweli iJordani; kodwa nina niyakuwela, nilidle lelo zwe elihle.
23. Xwayani, funa nikhohlwe isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu owasenza nani ngokuzenzela izithombe ezibaziweyo ngomfanekiso wento uJehova uNkulunkulu wakho akwenqabela yona.
24. Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ungumlilo oqothulayo, unguNkulunkulu onomhawu.
25. “Nxa uyakuzala abantwana nabantwana babantwana, nanxa senihlale isikhathi eside ezweni, none, nenze izithombe ezibaziweyo ngomfanekiso wento ethile, nenze okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho, nimthukuthelise,
26. ngifakazisa namuhla izulu nomhlaba ngani ukuthi niyakuphela nokuphela masinyane ezweni eniwela iJordani ukuya kulo ukuba nilidle; aniyikwandisa izinsuku zenu kulo: niyakuqothulwa nokuqothulwa.
27. UJehova uyakunihlakazela ezizweni, nisale niyingcosana phakathi kwabezizwe, lapho uJehova eyakuniholela khona.
28. Lapho niyakukhonza onkulunkulu, umsebenzi wezandla zabantu, imithi namatshe, abangaboni, abangezwa, abangahogeli.
29. Uma nina niselapho nimfuna uJehova uNkulunkulu wenu, niyakumfumana, uma nimfuna ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu.
30. Uma usekuhluphekeni, zikwehlela zonke lezi zinto, uyakuphendukela kuJehova uNkulunkulu wakho ngezinsuku zokugcina, ulalele izwi lakhe,
31. ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu onomusa; akayikukushiya, angakubhubhisi, angakhohlwa isivumelwano sawoyihlo asifungela bona.