10. usuku owema ngalo phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho eHorebe, lapho uJehova wathi kimi: ‘Ngibuthele abantu, ngibezwise amazwi ami ukuba bafunde ukungesaba zonke izinsuku zokuhamba kwabo emhlabeni, bafundise nabantwana babo.’
11. Nase nisondela, nema phansi kwentaba; intaba yavutha umlilo kwaze kwaba phakathi kwezulu, inobumnyama, namafu, nesigayegaye.
12. UJehova wayesekhuluma kini ephakathi komlilo; nezwa izwi likhuluma, kepha anibonanga simo, kwakuyizwi kuphela.
13. Wanimemezelela isivumelwano sakhe aniyala ngaso ukuba nisenze, imiyalelo eyishumi; wayiloba ezibhebheni ezimbili zamatshe.