13. NgoJosefa wathi:“Izwe lakhe malibusiswe nguJehovangamagugu asezulwini, nangamazolo,nangotwa olwenabileyo phansi,
14. nangamagugu ezithelo zelanga,nangamagugu ezinhlamvu zenyanga,
15. nangezinto ezinqabileyo zezintaba zamandulo,nangamagugu amagquma angunaphakade,
16. nangamagugu omhlaba nokugcwala kwawo,nangentando enhle yowahlala esihlahleni;isibusiso masifike ekhanda likaJosefanasokhakhayini lowahlukaniswa nabafowabo.
17. Izibulo lenkunzi yakhe liludumo lwakhe,nezimpondo zenyathi ziyizimpondo zakhe;uyakuqhubukusha ngazo izizwe zonke ekugcineni komhlaba;zinjalo izigidi zakwa-Efrayimi,zinjalo izinkulungwane zakwaManase.”
18. NgoZebuloni wathi:“Yenama, Zebuloni, ekuphumeni kwakho,nawe Isakare, ematendeni akho.
19. Bayakubizela izizwe entabeni,bahlabele khona imihlatshelo yokulunga;ngokuba bayakumunca inala yezilwandle,nengcebo ethukusiweyo yesihlabathi.”
20. NgoGadi wathi:“Makabusiswe owandisa uGadi:uhlezi njengengonyamakazi,udwengula ingalo nokhakhayi.
21. Wazikhethela isabelo sokuqala,ngokuba sasigodliwe lapho isabelo somahluleli;wahamba nezinhloko zabantu,wafeza ukulunga kukaJehova,nezahlulelo zakhe kanye no-Israyeli.”
22. NgoDani wathi:“UDani uyibhongo lengonyama, elixhumayo, liphuma eBashani.”
23. NgoNafetali wathi:“Nafetali, wanelisiwe ngomusa,ugcwele isibusiso sikaJehova:yidla wena intshonalanga neningizimu.”
24. Ngo-Asheri wathi:“U-Asheri makabusiswe phezu kwabantwana,amukeleke kubafowabo,acwilise unyawo lwakhe emafutheni.