11. Busisa, Jehova, amandla akhe,uyamukele imisebenzi yezandla zakhe;sicila ukhalo lwabo abamvukelayo,nolwabamzondayo, ukuba bangaphindi bavuke.”
12. NgoBenjamini wathi:“Othandiweyo kaJehova uyakuhlalaelondwa nguye;uyamsibekela usuku lonke,ahlale phakathi kwamahlombe akhe.”
13. NgoJosefa wathi:“Izwe lakhe malibusiswe nguJehovangamagugu asezulwini, nangamazolo,nangotwa olwenabileyo phansi,
14. nangamagugu ezithelo zelanga,nangamagugu ezinhlamvu zenyanga,
15. nangezinto ezinqabileyo zezintaba zamandulo,nangamagugu amagquma angunaphakade,
16. nangamagugu omhlaba nokugcwala kwawo,nangentando enhle yowahlala esihlahleni;isibusiso masifike ekhanda likaJosefanasokhakhayini lowahlukaniswa nabafowabo.
17. Izibulo lenkunzi yakhe liludumo lwakhe,nezimpondo zenyathi ziyizimpondo zakhe;uyakuqhubukusha ngazo izizwe zonke ekugcineni komhlaba;zinjalo izigidi zakwa-Efrayimi,zinjalo izinkulungwane zakwaManase.”
18. NgoZebuloni wathi:“Yenama, Zebuloni, ekuphumeni kwakho,nawe Isakare, ematendeni akho.