Uduteronomi 33:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Nasi isibusiso uMose, umuntu kaNkulunkulu, abusisa ngaso abantwana bakwa-Israyeli, engakafi; wathi:

2. “UJehova wavela eSinayi,wabaphumela evela eSeyiri,wanyampuza entabeni yasePharanu,weza ephuma ezigidini zendawo engcwele;ngakwesokunene sakhe kwavutha umlilo.

3. Yebo, uyazithanda izizwe,bonke abangcwele bakhe basesandleni sakho;bahlala ngasezinyaweni zakho,bamukele okwamazwi akho.

4. UMose wasiyaleza umthetho,ifa lenhlangano kaJakobe.

5. Waba yinkosi eJeshuruni,lapho izinhloko zabantu zazibuthene,zonke izizwe zakwa-Israyeli zindawonye.

Uduteronomi 33