Uduteronomi 32:42-52 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

42. “Ngiyakudakisa imicibisholo yami ngegazi,inkemba yami idle inyama,ngegazi lababuleweyo nelabathunjwa,kuqala kuwo amakhanda abaholi bezitha.

43. Yenanelani abantu bakhe nina zizwe,ngokuba uyakuphindisela igazi lezinceku zakhe,abuyisele impindiselo kwabamelene naye,enzele izwi lakhe nabantu bakhe ukubuyisana.”

44. UMose wafika wakhuluma onke amazwi aleli hubo ezindlebeni zabantu, yena noJoshuwa indodana kaNuni.

45. UMose eseqedile ukukhuluma onke lawa mazwi kubo bonke abakwa-Israyeli

46. wathi kubo: “Bekani inhliziyo yenu kuwo onke amazwi engiwafakazela kini namuhla, eniyakuyala ngawo abantwana benu ukuba baqaphele ukuwenza amazwi onke alo mthetho.

47. Ngokuba akusiyo into eyize kini; lokho kungukuphila kwenu, nangale nto niyakuzandisa izinsuku zenu ezweni eniwela iJordani ukuba ningene kulo ukulidla.”

48. UJehova wayesekhuluma kuMose ngalona lolo suku, ethi:

49. “Khuphukela entabeni yase-Abarimi, intaba yaseNebo esezweni lakwaMowabi, emalungana neJeriko, ulibheke izwe laseKhanani engibanika lona abantwana bakwa-Israyeli ukuba libe yifa labo,

50. ufele kuleyo ntaba okhuphukela kuyo, ubuthelwe kubantu bakini, njengalokho u-Aroni umfowenu wafela entabeni yaseHori, wabuthelwa kubantu bakubo,

51. ngokuba naphambuka kimi phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli ngasemanzini aseMeriba laseKadeshi ehlane laseSini, lokhu ningangingcwelisanga phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.

52. Uyakulibona izwe phambi kwakho, kepha awuyikungena khona, izwe engibanika lona abantwana bakwa-Israyeli.”

Uduteronomi 32