33. iwayini labo liyisihlungu sawodrako,*lingubuthi obesabekayo bamabululu.
34. Lokho akubekelelwe kimina,kunamathelisiwe engcebeni yami na?
35. Ngeyami impindiselo nembuyiselongesikhathi sokushelela konyawo lwabo,ngokuba usuku lwabo lwengozi selusondele,izinto abazilungiselweyo ziyakuphuthuma.
36. “Ngokuba uJehova uyakubahlulela abantu bakhe,azihawukele izinceku zakhe,lapho ebona ukuthi amandla abo aphelile,kungekho omunye ovalelweyo noma okhululekileyo.
37. Uyakuthi: ‘Baphi onkulunkulu babo,idwala ababephephela kulo,
38. ababedla amanoni emihlatshelo yabo,beliphuza iwayinilomnikelo wabo wokuphuzwa, na?Mabavuke, banisize,babe yisivikelo senu.
39. “ ‘Bonani manje ukuthi mina,yebo, mina nginguye,akakho unkulunkulu ngaphandle kwami;mina ngiyabulala, besengiphilisa,ngilimazile, kepha ngiyakupholisa;akakho ongophula esandleni sami.
40. Ngokuba ngiyaphakamisela isandla sami ezulwini,ngithi: Mina ngiyaphila kuze kube phakade:
41. uma ngilola inkemba yami ebenyezelayo,nesandla sami sibambelela ekwahluleleni,ngiyakubuyisela impindiselo kwabamelene nami,ngibaphindisele abangizondayo.’
42. “Ngiyakudakisa imicibisholo yami ngegazi,inkemba yami idle inyama,ngegazi lababuleweyo nelabathunjwa,kuqala kuwo amakhanda abaholi bezitha.
43. Yenanelani abantu bakhe nina zizwe,ngokuba uyakuphindisela igazi lezinceku zakhe,abuyisele impindiselo kwabamelene naye,enzele izwi lakhe nabantu bakhe ukubuyisana.”
44. UMose wafika wakhuluma onke amazwi aleli hubo ezindlebeni zabantu, yena noJoshuwa indodana kaNuni.
45. UMose eseqedile ukukhuluma onke lawa mazwi kubo bonke abakwa-Israyeli
46. wathi kubo: “Bekani inhliziyo yenu kuwo onke amazwi engiwafakazela kini namuhla, eniyakuyala ngawo abantwana benu ukuba baqaphele ukuwenza amazwi onke alo mthetho.
47. Ngokuba akusiyo into eyize kini; lokho kungukuphila kwenu, nangale nto niyakuzandisa izinsuku zenu ezweni eniwela iJordani ukuba ningene kulo ukulidla.”
48. UJehova wayesekhuluma kuMose ngalona lolo suku, ethi:
49. “Khuphukela entabeni yase-Abarimi, intaba yaseNebo esezweni lakwaMowabi, emalungana neJeriko, ulibheke izwe laseKhanani engibanika lona abantwana bakwa-Israyeli ukuba libe yifa labo,