27. uma bengingesabi ukuncokoloza kwezitha,funa abamelene nabo baduke,funa bathi: “Isandla sethu siphakeme,uJehova akenzanga konke lokhu.” ’
28. “Ngokuba bayisizwe esimasu aso aphelile,akukho ukuqonda kubo.
29. Sengathi nga behlakaniphileukuba bakuqonde lokho,bazindle ngokugcina kwabo.
30. Emunye angaxosha kanjani inkulungwane;ababili bangabhengula kanjaniizinkulungwane eziyishumi,uma iDwala labo lingathengisanga ngabo,uJehova ebengabakhapheli, na?
31. Ngokuba idwala labo alinjengeDwala lethu;nezitha zethu ziyakubona.