23. “ ‘Ngiyakubanqwabelela izinhlupheko,ngiqedele imicibisholo yami phezu kwabo.
24. Bayakuphela indlala,baqedwe ngukushisa komzimba,nayisifo esibuhlungu,ngibathumele amazinyo ezilwane,kanye nesihlungu sezikhasayo othulini.
25. Ngaphandle inkemba iyakwaphuca,ingebhe phakathi emakamelweni:izinsizwa nezintombi,oncelayo kanye nempunga.
26. Bengiyakuthi: “Ngiyakubaphephula,ngiqede inkumbulo yabo kubantu,”
27. uma bengingesabi ukuncokoloza kwezitha,funa abamelene nabo baduke,funa bathi: “Isandla sethu siphakeme,uJehova akenzanga konke lokhu.” ’