19. “UJehova wakubona,wanengwa yibo,ngenxa yokuncokoloza kwamadodana akhenamadodakazi akhe.
20. Wayesethi:‘Ngiyakubafihlela ubuso bami,ngibone ukugcina kwabo ukuthi kuyakuba yini;ngokuba bayisizwe esiphambeneyo,abantwana okungekho kubo ukukholwa.
21. Bangivusele umhawu ngokungesiye uNkulunkulu,bangithukuthelisile ngamaze abo;ngiyakubavusela umhawu ngabangesiso isizwe,ngibathukuthelise ngesizwe esiyisiwula.
22. Ngokuba umlilo uphenjiwe entukuthelweni yami;uyasha kuze kube sendaweni yabafileyo engaphansi,uqede umhlaba nezithelo zawo,wokhele izisekelo zezintaba.
23. “ ‘Ngiyakubanqwabelela izinhlupheko,ngiqedele imicibisholo yami phezu kwabo.
24. Bayakuphela indlala,baqedwe ngukushisa komzimba,nayisifo esibuhlungu,ngibathumele amazinyo ezilwane,kanye nesihlungu sezikhasayo othulini.
25. Ngaphandle inkemba iyakwaphuca,ingebhe phakathi emakamelweni:izinsizwa nezintombi,oncelayo kanye nempunga.
26. Bengiyakuthi: “Ngiyakubaphephula,ngiqede inkumbulo yabo kubantu,”
27. uma bengingesabi ukuncokoloza kwezitha,funa abamelene nabo baduke,funa bathi: “Isandla sethu siphakeme,uJehova akenzanga konke lokhu.” ’
28. “Ngokuba bayisizwe esimasu aso aphelile,akukho ukuqonda kubo.
29. Sengathi nga behlakaniphileukuba bakuqonde lokho,bazindle ngokugcina kwabo.
30. Emunye angaxosha kanjani inkulungwane;ababili bangabhengula kanjaniizinkulungwane eziyishumi,uma iDwala labo lingathengisanga ngabo,uJehova ebengabakhapheli, na?
31. Ngokuba idwala labo alinjengeDwala lethu;nezitha zethu ziyakubona.
32. Ngokuba umvini waboungumvini waseSodomanowamasimu aseGomora;izithelo zabo ziyizithelo zenyongo,amahlukuzo abo amunyu;
33. iwayini labo liyisihlungu sawodrako,*lingubuthi obesabekayo bamabululu.
34. Lokho akubekelelwe kimina,kunamathelisiwe engcebeni yami na?