Uduteronomi 32:1-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. “Bekani indlebe nina mazulu, ngiyakukhuluma;umhlaba mawuzwe amazwi omlomo wami.

2. Imfundiso yami iyakuconsa njengemvula,inkulumo yami ichiche njengamazolo,njengomkhizo ohlazeni,nanjengezihlambi etshanini,

3. ngokuba ngiyakumemezela igama likaJehova:mnikeni uNkulunkulu wethu ubukhulu.

4. “Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele,ngokuba zonke izindlela zakhe zingukulunga;unguNkulunkulu wokuthembeka ongenakonakala;ulungile, uqotho yena.

5. “Bonile kuye;abasibo abantwana bakhe, kuyisici sabo;bayisizukulwane esiphambeneyo nesiyisigwegwe.

6. UJehova nimvuza kanjalonina bantu abayiziwula nabangahlakaniphile na?Akasiye uyihlo owakudala na?Wakwenza, wakubumba.

7. “Khumbula izinsuku zasendulo,ubheke iminyaka yezizukulwane ngezizukulwane;buza kuyihlo, uyakukulandisa,nasemalungeni akho, akutshele.

8. Lapho oPhezukonke wazinika izizwe ifa lazo,lapho wahlukanisa abantwana babantu,wamisa imikhawulo yezizwenjengokomumo wabantwana bakwa-Israyeli.

9. Ngokuba isabelo sikaJehova singabantu bakhe;uJakobe uyisiqephu sefa lakhe.

Uduteronomi 32