Uduteronomi 32:1-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. “Bekani indlebe nina mazulu, ngiyakukhuluma;umhlaba mawuzwe amazwi omlomo wami.

2. Imfundiso yami iyakuconsa njengemvula,inkulumo yami ichiche njengamazolo,njengomkhizo ohlazeni,nanjengezihlambi etshanini,

3. ngokuba ngiyakumemezela igama likaJehova:mnikeni uNkulunkulu wethu ubukhulu.

4. “Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele,ngokuba zonke izindlela zakhe zingukulunga;unguNkulunkulu wokuthembeka ongenakonakala;ulungile, uqotho yena.

5. “Bonile kuye;abasibo abantwana bakhe, kuyisici sabo;bayisizukulwane esiphambeneyo nesiyisigwegwe.

6. UJehova nimvuza kanjalonina bantu abayiziwula nabangahlakaniphile na?Akasiye uyihlo owakudala na?Wakwenza, wakubumba.

7. “Khumbula izinsuku zasendulo,ubheke iminyaka yezizukulwane ngezizukulwane;buza kuyihlo, uyakukulandisa,nasemalungeni akho, akutshele.

8. Lapho oPhezukonke wazinika izizwe ifa lazo,lapho wahlukanisa abantwana babantu,wamisa imikhawulo yezizwenjengokomumo wabantwana bakwa-Israyeli.

9. Ngokuba isabelo sikaJehova singabantu bakhe;uJakobe uyisiqephu sefa lakhe.

10. “Wamfumana ezweni eliyihlane,nasoqwatheni lomkhulungwane kwahlongasibi,wamzungeza, wamnakekela,wamgcina njengenhlamvu yeso lakhe.

11. Njengokhozi olunyakazisa isidleke salo,lubhakuza phezu kwamazinyane alo,wawelula amaphiko akhe, wabathatha,wabathwala ngezimpaphe zakhe.

12. UJehova yedwa wamhola,akwabakho unkulunkulu wabezizwe naye.

13. “Wamkhwelisa ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba,wadla izithelo zamasimu,wammuncisa izinyosi edwaleni,namafutha eweni lensengetsha,

14. namangqanga ezinkomo,nobisi lwezimvu,namafutha amawundlu,nezinqama zohlobo lwaseBashani,nezimbuzi,namanoni omongo kakolweni;egazini lezithelo zomvini waphuza iwayini.

15. “UJeshuruni wayesekhuluphala,wakhaba;usukhuluphele, uzimukile,uchachambile;wayesemshiya uNkulunkulu owamenza,walidelela iDwala lensindiso yakhe.

16. Bamvusela umhawu ngawonkulunkulu babezizwe,bamthukuthelisa ngezinengiso.

17. “Bahlabela amademoni angesibo onkulunkulu,onkulunkulu ababengabazi,onkulunkulu abasha,abasand'ukuqhamuka,ababengesatshwa ngoyihlo.

Uduteronomi 32