Uduteronomi 31:9-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. UMose waloba lowo mthetho, wabanika wona abapristi, amadodana kaLevi, ababethwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova namalunga onke akwa-Israyeli.

10. UMose wabayala wathi: “Ngasekugcineni kweminyaka eyisikhombisa njalo, ngesikhathi esinqunyiweyo somnyaka woyekelo ngomkhosi wamadokodo,

11. lapho wonke u-Israyeli efike ukubonakala phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha, wofunda lo mthetho phambi kuka-Israyeli wonke ezindlebeni zakhe.

12. Butha abantu, amadoda, nabesifazane, nabantwana, nomfokazi wakho ophakathi kwamasango akho ukuba bezwe, bafunde, bamesabe uJehova uNkulunkulu wakho, baqaphele ukuwenza onke amazwi alo mthetho,

13. nokuba abantwana babo abangawaziyo bezwe, bafunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu wenu isikhathi sonke sokuhlala kwenu ezweni eniwela iJordani ukuba ningene kulo ukulidla.”

14. UJehova wathi kuMose: “Bheka, izinsuku zakho sezisondele zokuba ufe; mbize uJoshuwa, nime etendeni lokuhlangana ukuba ngimyale.” OMose noJoshuwa base behamba, bema etendeni lokuhlangana.

15. UJehova wabonakala etendeni esensikeni yefu, insika yema ngasemnyango wetende.

16. UJehova wathi kuMose: “Bheka, wolala koyihlo; laba bantu bayakusuka, baye ukuphinga nawonkulunkulu babezizwe abasezweni abaya kulo ukuba bahlale phakathi kwabo, bangishiye, basaphule isivumelwano engisenzile nabo.

17. Intukuthelo yami iyakubavuthela ngalolo suku, ngibashiye, ngifihle ubuso bami kubo; bayakudliwa, behlelwe ngokubi nezinhlupheko eziningi, baze bathi ngalolo suku: ‘Lokhu okubi akusehlelanga yini ngokuba uNkulunkulu wethu engekho phakathi kwethu na?’

18. Mina ngiyakufihla nokufihla ubuso bami ngalolo suku ngenxa yakho konke okubi abayakube bekwenzile, lokhu bephendukele kwabanye onkulunkulu.

19. “Ngalokho zilobeleni leli hubo, ulifundise abantwana bakwa-Israyeli, ulibeke emilonyeni yabo ukuba leli hubo libe ngufakazi wami ukumelana nabantwana bakwa-Israyeli.

Uduteronomi 31