Uduteronomi 31:23-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

23. Wamyala uJoshuwa indodana kaNuni, wathi: “Qina, ume isibindi, ngokuba wena uyakubangenisa abantwana bakwa-Israyeli ezweni engalifungela bona; mina ngiyakuba nawe.”

24. Kwathi lapho uMose eseqedile ukuloba amazwi alo mthetho encwadini aze aphela,

25. uMose wawayala amaLevi ayethwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova, wathi:

26. “Thathani le ncwadi yomthetho, niyibeke ngaseceleni komphongolo wesivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu, ibe khona, ibe ngufakazi, imelane nani.

Uduteronomi 31