2. wathi kubo: “Ngineminyaka eyikhulu namashumi amabili namuhla; angisenamandla okuphuma nokungena; uJehova ushilo kimi ukuthi: ‘Awuyikuliwela leli Jordani.’
3. Kepha uJehova uNkulunkulu wakho uyakuwela phambi kwakho, achithe lezi zizwe phambi kwakho, uzidle; uJoshuwa uyakuwela phambi kwakho njengokukhuluma kukaJehova.
4. UJehova uyakwenza kuzo njengokwenza kwakhe kuSihoni naku-Ogi amakhosi ama-Amori nakulo izwe lakubo ababulalayo.
5. UJehova uyakuzinikela phambi kwenu, nenze kuzo njengemiyalo yonke enginiyale ngayo.
6. Qinani, nime isibindi, ningesabi, ningashaywa luvalo ngabo, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho nguyena ohamba nawe; akayikukuyeka, akushiye.”
7. UMose wambiza uJoshuwa, wathi kuye emehlweni abantu bonke bakwa-Israyeli: “Qina, ume isibindi, ngokuba uyakuhamba nalaba bantu, uye ezweni uJehova afunga koyise ukubanika lona; wena uyakwenza ukuba balidle ifa lalo.
8. UJehova nguye ohamba phambi kwakho; uyakuba nawe; akayikukuyeka, akushiye; ungesabi, ungabi nangebhe.”