Uduteronomi 31:19-30 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. “Ngalokho zilobeleni leli hubo, ulifundise abantwana bakwa-Israyeli, ulibeke emilonyeni yabo ukuba leli hubo libe ngufakazi wami ukumelana nabantwana bakwa-Israyeli.

20. Ngokuba lapho sengibangenisile ezweni engalifungela oyise, elivame ubisi nezinyosi, badle, basuthe, bakhuluphale, bayakuphendukela kwabanye onkulunkulu, babakhonze, bangidelele, basaphule isivumelwano sami.

21. Kuyakuthi lapho sebehlelwe ngokubi nezinhlupheko eziningi, leli hubo lifakaze phambi kwabo njengofakazi, ngokuba aliyikukhohlakala emilonyeni yenzalo yabo, lokhu ngiyazi imicabango yabo abayicabangayo namanje, ngingakabangenisi ezweni engalifungela bona.”

22. UMose wayeseloba leli hubo ngalona lolo suku, walifundisa abantwana bakwa-Israyeli.

23. Wamyala uJoshuwa indodana kaNuni, wathi: “Qina, ume isibindi, ngokuba wena uyakubangenisa abantwana bakwa-Israyeli ezweni engalifungela bona; mina ngiyakuba nawe.”

24. Kwathi lapho uMose eseqedile ukuloba amazwi alo mthetho encwadini aze aphela,

25. uMose wawayala amaLevi ayethwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova, wathi:

26. “Thathani le ncwadi yomthetho, niyibeke ngaseceleni komphongolo wesivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu, ibe khona, ibe ngufakazi, imelane nani.

27. Ngokuba mina ngiyakwazi ukwambuka kwakho nentamo yakho elukhuni; bheka, ngisekhona nani namuhla niyahlubuka uJehova; kuyakuba kakhulu kangakanani emva kokufa kwami na?

28. Ngibuthele onke amalunga ezizwe zenu nezinduna zenu ukuba ngikhulume lawa mazwi ezindlebeni zazo, ngifakazise izulu nomhlaba ngazo.

29. Ngokuba ngiyazi ukuthi emva kokufa kwami niyakona nokona, niphambuke endleleni enginiyale ngayo, ububi bunehlele ngezinsuku ezizayo, ngokuba niyakwenza okubi emehlweni kaJehova, nimthukuthelise ngemisebenzi yezandla zenu.”

30. UMose wayesekhuluma ezindlebeni zebandla lonke lakwa-Israyeli amazwi ehubo lakhe, aze aphela.

Uduteronomi 31