Uduteronomi 31:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UMose waya ukukhuluma lawa mazwi kubo bonke abakwa-Israyeli,

2. wathi kubo: “Ngineminyaka eyikhulu namashumi amabili namuhla; angisenamandla okuphuma nokungena; uJehova ushilo kimi ukuthi: ‘Awuyikuliwela leli Jordani.’

3. Kepha uJehova uNkulunkulu wakho uyakuwela phambi kwakho, achithe lezi zizwe phambi kwakho, uzidle; uJoshuwa uyakuwela phambi kwakho njengokukhuluma kukaJehova.

4. UJehova uyakwenza kuzo njengokwenza kwakhe kuSihoni naku-Ogi amakhosi ama-Amori nakulo izwe lakubo ababulalayo.

5. UJehova uyakuzinikela phambi kwenu, nenze kuzo njengemiyalo yonke enginiyale ngayo.

Uduteronomi 31