13. Futhi awuphesheya kolwandle ukuba uthi: ‘Ngubani oyakusiwelela ulwandle, asilethele wona, siwuzwe, siwenze, na?’
14. Cha, izwi liseduze kakhulu nawe, lisemlonyeni wakho nasenhliziyweni yakho ukuba ulenze.
15. “Bheka, ngibeke namuhla phambi kwakho ukuphila nokuhle, ukufa nokubi,
16. ngokukuyala namuhla ukuba umthande uJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ngezindlela zakhe, ugcine imiyalo yakhe, nezimiso zakhe, nezahlulelo zakhe, ukuze uphile, wande, uJehova uNkulunkulu wakho akubusise ezweni ongena kulo ukulidla.