Uduteronomi 3:4-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Sathatha yonke imizi yakhe ngaleso sikhathi; akubangakho muzi esingawuthathanga kubo: imizi engamashumi ayisithupha, sonke isifunda sase-Arigobi, umbuso ka-Ogi eBashani.

5. Yonke lena yayiyimizi ebiyelwe ngezingange eziphakemeyo, namasango, nemigoqo, ngaphandle kwemizana eminingi kakhulu.

6. Sayichitha sayiqeda, njengalokho senza kuSihoni inkosi yaseHeshiboni, sichitha siqeda yonke imizi enamadoda nabesifazane nezingane.

7. Kepha izinkomo nempango yemizi sakuthatha kwaba yimpango yethu.

8. “Salithatha ngaleso sikhathi izwe esandleni samakhosi ama-Amori aphesheya kweJordani, kusukela esigodini sase-Arinoni kuze kube sentabeni yaseHermoni

9. eliyiHermoni elibizwa ngamaSidoni ngokuthi iSiriyoni nama-Amori alibiza ngokuthi iSeniri

10. yonke imizi yasethafeni, nalo lonke elakwaGileyadi, nalo lonke iBashani kuze kube seSaleka nase-Edireyi, imizi yasembusweni ka-Ogi eBashani.

11. Ngokuba u-Ogi kuphela, inkosi yaseBashani, wasala ensalini yamaRefa; bheka, ibhokisi lakhe laliyibhokisi lensimbi; angithi liseRaba kubantwana bakwa-Amoni; ubude balo babuyizingalo eziyisishiyagalolunye, nobubanzi balo buyizingalo ezine, ngokwengalo yomuntu.

12. “Lelo zwe salidla ngaleso sikhathi; izwe elisukela e-Aroweri elisesigodini sase-Arinoni, nenxenye yezintaba zakwaGileyadi, nemizi yalo, sabanika khona abakwaRubeni nabakwaGadi;

13. insali yakwaGileyadi, nalo lonke iBashani, umbuso ka-Ogi, nganika lokho inxenye yesizwe sakwaManase, sonke isifunda sase-Arigobi neBashani lonke elibizwa ngokuthi izwe lamaRefa.

14. UJayire indodana kaManase wathatha sonke isifunda sase-Arigobi kuze kube semkhawulweni wamaGeshuri nowamaMahakhathi, wasibiza -- lona iBashani -- ngegama lakhe ngokuthi iHawoti Jayire kuze kube namuhla.

15. Ngamnika uMakiri elakwaGileyadi.

16. AbakwaRubeni nabakwaGadi ngabanika okusukela kwaGileyadi kuze kube sesigodini sase-Arinoni phakathi nesigodi kwaba ngumkhawulo nasemfuleni iJakobi elingumkhawulo wabantwana bakwa-Amoni,

17. ne-Araba futhi, neJordani elingumkhawulo, kusukela eKinereti kuze kube seLwandle lwase-Araba, uLwandle Lukasawoti, phansi kwemithambeka yasePisiga ngasempumalanga.

18. “Ngaleso sikhathi nganiyala ngathi: ‘UJehova uNkulunkulu wenu uninikile leli zwe ukuba nilidle; niyakuwela nihlomile phambi kwabafowenu, abantwana bakwa-Israyeli, nonke eningamadoda anesibindi.

Uduteronomi 3