Uduteronomi 3:14-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. UJayire indodana kaManase wathatha sonke isifunda sase-Arigobi kuze kube semkhawulweni wamaGeshuri nowamaMahakhathi, wasibiza -- lona iBashani -- ngegama lakhe ngokuthi iHawoti Jayire kuze kube namuhla.

15. Ngamnika uMakiri elakwaGileyadi.

16. AbakwaRubeni nabakwaGadi ngabanika okusukela kwaGileyadi kuze kube sesigodini sase-Arinoni phakathi nesigodi kwaba ngumkhawulo nasemfuleni iJakobi elingumkhawulo wabantwana bakwa-Amoni,

17. ne-Araba futhi, neJordani elingumkhawulo, kusukela eKinereti kuze kube seLwandle lwase-Araba, uLwandle Lukasawoti, phansi kwemithambeka yasePisiga ngasempumalanga.

18. “Ngaleso sikhathi nganiyala ngathi: ‘UJehova uNkulunkulu wenu uninikile leli zwe ukuba nilidle; niyakuwela nihlomile phambi kwabafowenu, abantwana bakwa-Israyeli, nonke eningamadoda anesibindi.

19. Kepha omkenu, nabancane benu, nezinkomo zenu -- ngiyazi ukuthi ninezinkomo eziningi -- bayakuhlala emizini yenu engininike yona,

20. uJehova aze aphe abafowenu ukuphumula njengani, nabo balidle izwe uJehova uNkulunkulu wenu ayakubanika lona ngaphesheya kweJordani, andukuba nibuyele, kube yilowo nalowo ezweni lakhe engininike lona.’

21. “Ngamyala uJoshuwa ngaleso sikhathi, ngathi: ‘Amehlo akho abonile konke uJehova uNkulunkulu wenu akwenzile kulawo makhosi amabili: kanjalo uJehova uyakwenza kuyo yonke imibuso eniyidabulayo.

22. Aniyikubesaba, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu nguyena onilwelayo.’

23. “Ngaleso sikhathi ngacela kuJehova, ngathi:

24. ‘Nkosi Jehova, uqalile ukubonisa inceku yakho ubukhulu bakho nesandla sakho esinamandla, ngokuba ngumuphi unkulunkulu ezulwini nasemhlabeni ongenza njengemisebenzi yakho nanjengezenzo zakho zamandla na?

Uduteronomi 3