Uduteronomi 29:6-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Anidlanga isinkwa, aniphuzanga iwayini noma uphuzo olunamandla, ukuze nazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu.

7. “Ekufikeni kwenu kule ndawo uSihoni inkosi yaseHeshiboni no-Ogi inkosi yaseBashani basiphumela ukulwa, sabanqoba,

8. sathatha izwe lakubo, salinika laba yifa labakwaRubeni, nelabakwaGadi, nelenxenye yesizwe sabakwaManase.

9. “Ngalokho gcinani amazwi alesi sivumelwano, niwenze ukuba niphumelele kukho konke enikwenzayo.

10. “Nimi namuhla nonke phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu: izinhloko zenu, nezizwe zenu, namalunga enu, nezinduna zenu, bonke abantu bakwa-Israyeli,

11. nezingane zenu, nawomkenu, nomfokazi ophakathi kwamakamu* akho, kusukela kumgawuli wemithi kuze kufike kumukhi wamanzi,

12. ukuba ungene esivumelwaneni sikaJehova uNkulunkulu wakho, nasesifungweni sakhe asenzayo nawe namuhla uJehova uNkulunkulu wakho,

13. ukuze azimisele wena namuhla ube yisizwe sakhe, yena abe nguNkulunkulu wakho, njengalokho akhuluma kuwe, nanjengalokho afunga koyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.

14. Akenzi lesi sivumelwano nalesi sifungo nani nodwa,

15. kepha nanomiyo nathi lapha namuhla phambi kukaJehova uNkulunkulu wethu, nanongekho nathi namuhla

16. ngokuba nina niyazi ukuthi sahlala ezweni laseGibithe nokuthi sadlula phakathi kwezizwe enadabula kuzo,

17. nizibonile izinengiso zazo, nezithombe zazo, imithi, namatshe, nesiliva, negolide, okwakuphakathi kwazo

18. funa kube khona phakathi kwenu indoda, noma umfazi, noma umndeni, noma isizwe esinhliziyo yaso ifulathela namuhla uJehova uNkulunkulu wethu ukuyokhonza onkulunkulu balezo zizwe, kube phakathi kwenu impande ethela inhlungunyembe nomhlonyane;

19. kuze kuthi, lapho ezwa amazwi alesi sifungo, azibusise enhliziyweni yakhe ngokuthi: ‘Ngiyakuba nokuthula, noma ngihamba ngenkani yenhliziyo yami,’ ukuze kuqedwe okuswakemeyo kanye nokomileyo,

Uduteronomi 29