3. izinhlupheko ezinkulu azibonayo amehlo akho, nezibonakaliso, nezimangaliso lezo ezinkulu;
4. kepha uJehova akaninikanga inhliziyo yokwazi, namehlo okubona, nezindlebe zokuzwa kuze kube namuhla.
5. Nganihola iminyaka engamashumi amane ehlane; izingubo zenu aziguganga kini, nesicathulo asiguganga onyaweni lwenu.
6. Anidlanga isinkwa, aniphuzanga iwayini noma uphuzo olunamandla, ukuze nazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu.
7. “Ekufikeni kwenu kule ndawo uSihoni inkosi yaseHeshiboni no-Ogi inkosi yaseBashani basiphumela ukulwa, sabanqoba,
8. sathatha izwe lakubo, salinika laba yifa labakwaRubeni, nelabakwaGadi, nelenxenye yesizwe sabakwaManase.
9. “Ngalokho gcinani amazwi alesi sivumelwano, niwenze ukuba niphumelele kukho konke enikwenzayo.
10. “Nimi namuhla nonke phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu: izinhloko zenu, nezizwe zenu, namalunga enu, nezinduna zenu, bonke abantu bakwa-Israyeli,
11. nezingane zenu, nawomkenu, nomfokazi ophakathi kwamakamu* akho, kusukela kumgawuli wemithi kuze kufike kumukhi wamanzi,
12. ukuba ungene esivumelwaneni sikaJehova uNkulunkulu wakho, nasesifungweni sakhe asenzayo nawe namuhla uJehova uNkulunkulu wakho,
13. ukuze azimisele wena namuhla ube yisizwe sakhe, yena abe nguNkulunkulu wakho, njengalokho akhuluma kuwe, nanjengalokho afunga koyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.
14. Akenzi lesi sivumelwano nalesi sifungo nani nodwa,
15. kepha nanomiyo nathi lapha namuhla phambi kukaJehova uNkulunkulu wethu, nanongekho nathi namuhla
16. ngokuba nina niyazi ukuthi sahlala ezweni laseGibithe nokuthi sadlula phakathi kwezizwe enadabula kuzo,